Ubuhle obuhle bendalo
ubuhle obuyohlala buwubuhle
Ubuhle obungathengwa ngatiki
Ubuhle obucocekile futhi obunothile
Ubuhle bendalo yase Ndulo
Ubuhle obusobala obungacashile
hhayi bokuzenzela ngisho ubuhle
obusuka ngaphakathi, ekujuleni kwenhliziyo yomuntu
Ubuhle obungaphoxi futhi obunga dumazi
ubuhle emtwini owumuntu ngabantu.
Ngisika elijikayo nje hhayi elinonile ngoba linakwe abantu
Buhle uyohlala ukhona futhi sikuncome?
Halala buhle bemvelo mbali engabuni
Etshalwe ogwadule khiwane elingagcwali mpethu
Uwubuhle obuyohlala bubuhle simomondiya semvelo
Monday, August 31, 2009
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
You are definetly going to recite this one at the session bra, yo yo yo yo.
ReplyDeleteUbuhle baletalente onayo.